Zulu - Way To God
Zulu - Way To God
Zulu - Way To God
Quotations from the Bible in Zulu. Copyright Bible Society of South Africa. Used with permission of the
Publishers. © 2002 by Rose Goodman. Cover Art, Edwin B Wallace.
“Manibe-ngababusisiweyo bakaJehova owenzile izulu nomhlaba. Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba
wawunika abantwana babantu.” AmaHubo 115:15, 16
Umhlaba wawuphelele ngenkathi uNkulunkulu ewunikezela kumuntu. Funda le ncwajana ukuze uzwe ukuthi
kwenzekani.
UKULUKULU WASIDALA —2
“UJehova uNkulunkulu wathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.
UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo
zakhe, wavala indawo ngenyama. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile
kumuntu, wamyisa kumuntu.”
UGenesise 2:18, 21, 22
“Inyoka yathi kowesifazane: Aniyikufa nokufa. Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi
uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla,
wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.” UGenesise 3:4, 6
KHUMBULAI
Yilowo nalowo muntu uzalelwe esonweni futhi uyokufa ngelinye ilanga ngoba ukufa kwafika ngesono.
“Ngokuba kuhlala kuye [Kristu uJesu] ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu.” KwabaseKolose
2:9
“Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Bheka, intombi
iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi uEmanuweli okungukuthi ngokuhunyushwa
uNkulunkulu unathi.” UMathewu 1:22, 23
“Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe
liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.”
UIsaya 9:6
UJesu uyiWundlu likaNkulunkulu. “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.” UJohane 1:29b
UJesu wabethelwa esiphambanweni sokhuni ngoba abantu abanonya babemzonda. Nokho kwakuyisu
likaNkulunkulu ukuba asifele. UJesu wanikela ngokuphila nangothando lwakhe ukusindisa mina nawe
ezonweni zethu.
UJesu wathi: “Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela,
nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.” UJohane 10:18
“Kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, [singamlaleli uNkulunkulu] uKristu wasifela.” KwabaseRoma 5:8b
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe
yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-noku-phila okuphakade.” UJohane 3:16
“UVUKILE!” —14
“Nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube- phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo
zokufa nezeHayidese.” IsAmbulo 1:18
Akusenasidingo ukuba sikwesabe ukufa ngoba uKristu wakunqoba ukufa futhi unezihluthulelo zakho.
“Kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka; ngakho-ke unamandla
okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.” KumaHeberu 7:24,
25
MIA AWE SIGABA OKUPHILA OKUPHAKADE —16
“Ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho.” UDuteronomi 30:19b
“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini,
esimelwe ukusindiswa ngalo.” IzEnzo 4:12
1. guKristu oweza.
“...Mina ngizé ukuba babe-nokuphila....” UJohane 10:10
“Wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye
wavuka.” 2 kwabaseKorinte 5:15
5. Kufanele ukuba sibenoMoya kaKristu ngapha-kathi kwethu ukuze sivuselwe ekuphileni okuphakade.
“Okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyomfihlakalo phakathi
kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.” KwabaseKolose 1:27
“Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo
uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.” KwabaseRoma 8:11
“Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu
engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.” KwabaseRoma 8:9
Akubalulekile ukuthi ungubani nokuthi uhlala kuphi, uJesu uyakuthanda futhi wakufela. UJesu ufuna ukuba
nawe umthande. Ungambonisa ukuthi uyamthanda ngokumlalela.
Bhala ivesi lika 1 Johane 1:9 elitholakala ekhasini 25 esithombeni sezandla lapha ngezansi.
“Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo [azishiye] uyakuthola umusa.” IzAga 28:13
“Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade.” AmaHubo 37:27
Nguwe wedwa ongavula umnyango wenhliziyo yakho ukuba angene uJesu. UJesu
wathi:
“Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule
umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.” IsAmbulo 3:20
“Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe-ngabantwana
bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.” UJohane 1:12
“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi
ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.” UJohane 5:24
Uma ufa umzimba wakho, uyohlala neNkosi (2 kwabaseKorinte 5:8).“EnguKristu phakathi kwenu, ithemba
lenkazimulo” (KwabaseKolose 1:27b).
Uma umcelile uJesu ukuba akuthethelele izono zakho, uma ukholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi noMsindisi
wakho, bhala igama lakho lapha ngezansi:
Mbonge uJesu ngakho konke okuhle empilweni yakho imihla ngemihla. Mdumise ngakho konke akwenzele
khona nokuthi usindise umphefumulo wakho. Thandazela futhi zonke izidingo zakho. Khuleka njalo
egameni likaJesu.
“Uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.” 1 kaJohane 5:14b
“Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo,
nibakhulekele abanizingelayo.” UMathewu 5:44
“Nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni
bakhe.”
1 kaJohane 3:22
IMIYALO EMIBILI EMIKHULU EDLULA YOKE IMITHETHO —36
Ukumthanda ukulunkulu
1. “UJesu wathi kuye: Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke
umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.” UMathewu
22:37, 38
1
Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo
nensimbi encencethayo. 2Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma
nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
3
Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo
uthando, akungisizi ngalutho. 4Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi,
aluzikhukhumezi; 5aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; 6aluthokozi
ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; 7lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba
izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke. 8Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha,
kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.
13
Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
UKULUKULU ULUTHADO
“UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.” 1 kaJohane
4:16b
UJesu wathi: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi
ekwenzele khona, yakuhawukela.” UMarku 5:19b
“Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,
nobumnene, nokuzithiba.” KwabaseGalathiya 5:22, 23a
“Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.”
UMathewu 6:14
“Amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango
emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana
phakathi kwabazalwane.” IzAga 6:17-19
“Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu
nango- Moya kaNkulunkulu wethu.” 1 kwabaseKorinte 6:11
“Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade
kuKristu Jesu iNkosi yethu.” KwabaseRoma 6:23
“Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa
intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.” UJohane 3:36
“UJesu wathi kuye: Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.” UJohane
14:6
“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona
izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya
nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe- khona nani.” UJohane
14:1-3
UJesu wathi: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.” UMarku 16:15b
“Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.” –AmaHubo 91:11
IHUBO LIKAMELUSI
(I-Hubo 23)
1
UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. 2Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini
okuphumula. 3Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
4
Noma ngihamba esigodini sethunzi lolufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo
lwakho ziya ngiduduza. 5Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami
ngamafutha; indebe yami iyachichima.
6
Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze
kube-phakade.
If you are interested in receiving additional Scripture booklets, write to the publisher in English
at the address below or order online:
World Missionary Press, Inc.
P.O. Box 120
New Paris, Indiana 46553-0120 U.S.A.