Location via proxy:   [ UP ]  
[Report a bug]   [Manage cookies]                

Indaba Emfushane

Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 3

C.

INDABA EMFUSHANE
 Uhlobo lombhalo olubhalwe ngendlela yephrozi. Incwadi yezindaba ezimfushane
yinhlanganisela yezindaba ezimfushane ezoqoqelwe ndawonye ezidingida
izindikimba ezahlukene.
Izimpawu zendaba emfushane
 Isihloko sendaba emfushane naso njengesenoveli kufanele sihambisane
nalokho okuxoxwa endabeni, simhehe umfundi, simenze abe nemibuzo emenza
abe nelukuluku afise ukuzwa ukuthi kuzokwenzekani endabeni.

 Indaba emfushane nayo inesakhiwo esimazinga mathathu njengenoveli


okuyisingeniso, umzimba nesiphetho. Kodwa-ke konke okwendaba
emfushane kufushanisiwe; kuyaphuthuma, kuvela eduze ngoba nayo izosheshe
iphele.

 Isizinda sayo sivela khona esingenisweni. Kuyagqama ukuthi indaba yenzeka


endaweni enjani; emakhaya noma edolobheni, elokishini noma emijondolo.
Okunye okuvelayo ukuthi yenzeka kuyiphi inkathi; eyakudala noma eyamanje.
Kuvele nokuthi abantu bakuleyo ndawo bahlalisene kanjani; bahlalisene kabi
noma kahle.

 Abalingiswa bendaba emfushane kufanele babe yingcosana, bangeqi


kwabahlanu.

 Kufanele ibe esigamekweni esisodwa. Yiso lesi sigameko esikhula size siyofika
ovuthondabeni.

 Nakulolu hlobo lwendaba lukhona udweshu lwangaphandle


nolwangaphakathi. lapho kushayisana khona imibono nezinkolelo
kubalingiswa. Kwesinye isikhathi kuze kuliwe ngamazwi nangezandla. Olunye
udweshu yilolo lomzwangedwa, kube nokudonsisana kukanembeza
nemicabango. Udweshu-ke yilona olwenza ukuqala nokuqhubeka kwesigameko
sendaba.

 Nendaba emfushane njengenoveli inaso isifundo/umyalezo umbhali wendaba


azama ukusidlulisela kubafundi. Ukuze uthole isifundo/umyalezo kufanele
uyifunde yonke indaba. Imvamisa isifundo/umyalezo uba umusho noma
yibinzana nje lamagama.

 Indaba emfushane inayo indikimba okungumqondo-ngqangi okukhulunywa


ngawo endabeni.

 Uvuthondaba nalo lukhona. Kuba yibanga lapho obekuyinkinga yomlingiswa


omkhulu kuxazululeka. Yonke imibuzo ebesinayo sifunda iyaphenduleka. Uma
imibuzo isiphendulekile nelukuluku lokufunda liyaphela nendaba ifinyelele
esiphethweni.

 Isiphetho kufanele sibe sifushane sishaye emhlolweni njengesingeniso sayo.


Iba yidabe indaba ephetha ngendlela elindelekile. Yinhle ephetha ngendlela
engalindelekile nethusayo, esiyibiza ngengwijikhwebu.

Umehluko Inoveli Indaba emfushane


Ubude bombhalo Lona umbhalo ongaba mude kuze Lo mbhalo uvama ukuba
kufike emakhasini angama-300. amakhasi ayi-8 kuya
Ngenxa yobude bayo ithatha kwayi-15 ubude. Noma
isikhashana ukwenzeka umfundi eyifunda ithatha
kwezigigaba. Noyifundayo ihora noma
angathatha izinsukwana ngaphezudlwana.
ukuyiqeda.
Izigameko Njengoba inoveli iyinde nje Indaba emfushane yona
nezigameko ziba ziningi. Yingakho iba nesigameko esisodwa
amanoveli ehlukaniswa okuyisona indaba egxile
ngezahluko okuthi nazo kwesinye kuso.
isikhathi zinikwe izihlokwana
okukhombisa ukuqhubeka
kwezigameko.
Inani labalingiswa Kulo mbhalo abalingiswa bangaba Abalingiswa kulo mbhalo
baningi kuthi nofundayo agcine baba yingcosana.
esedideka ngenxa yobuningi babo. Kwindaba emfushane
Kwesinye isikhathi umfundi uze umbhali akanayo indawo
adideke ukuthola umlingiswa yokufaka abalingiswa
osemqoka. abaningi.
Isakhiwo Isakhiwo senoveli sinamazinga Isakhiwo sendaba
ama-3, okuyisingeniso umzimba emfushane naso
nesiphetho. sinamazinga ama-3,
okuyisingeniso, umzimba
nesiphetho.
Isizinda Inoveli yenzeka ezindaweni Ngenxa yobufishane
ezehlukene ngenxa yobude bendaba konke
benoveli. Njengoba inoveli okwenzekayo kuqoqekile
yenzeka esikhathini eside, umbhali futhi kuyaphuthuma,
kungathatha isikhathi eside kuthatha isikhathi
ukwethula isigigaba nomlingiswa esifushane, okungaba
osemqoka. Kufikwa emva usuku noma izinsuku
kwesikhathi kuvuthondaba. ezimbalwa. Ithi iqala nje
indaba ibe ibonakala
inkinga nomlingiswa
obhekene nayo;
umlingiswa osemqoka.
Indikimba Wonke umbhalo unayo indikimba. Nendaba emfushane
Ngendikimba kusuke kuqondiswe inawo lo mongo ngoba
engqikithini yendaba. Lokhu nayo inayo indikimba
kuphendula umbuzo othi: ikhuluma ekhuluma ngayo.
ngani indaba? Lokhu kungumongo Indikimba yendaba
wendaba lapho indaba yonke emfushane isheshe ivele
yakhela khona. kuneyenoveli.
Isifundo/umyalezo Wonke umbhalo unesifundo noma Njengoba umbhalo
umyalezo owudlulisayo umfushane nje ngeke
uwudlulisela kulowo ofundayo wathola izifundo noma
emva kokufunda umbhalo lowo. imiyalezo eminingi.
Izifundo ezitholwa ofundayo Umyalezo owodwa
zingehluka, futhi singebe sinye endabeni emfushane
kuphela kepha zingaba ziningi. wanele njengoba
nesenzeko sisinye nje.
Inkulumo -mpendulwano Lapha umbhali angasebenzisa Lapha isikhathi sincane,
ulimi olulandayo uma echaza. siqoqekile umbhali
Angathatha ngisho namakhasi uchaza kafushane
amabili nangaphezulu ukuchaza. asebenzise amagama
Kanti nabalingiswa bangathatha nolimi oluqoqayo.
isikhathi sayo bekhuluma Abalingiswa
bephendulana, ingani isikhathi abathemelezi uma
banaso siningi. bephendulana
basebenzisa amagama
ngokonga ngoba isikhathi
sifushane.
Isiphetho Leli yibanga lokugcina lombhalo, Nendaba emfushane
lapho izinkinga ezibhekene inalo leli banga lokugcina
nomlingiswa osemqoka lombhalo. Umehluko
zisombululeka. Umbhalo ukuthi isiphetho sayo
ungaphela ngebohlololo; uphele sifushanisiwe. Umbhalo
ngovuthondaba ngengwijikhwebu ungaphela ngebohlololo;
noma uphele ngesiphetho uphele ngovuthondaba
esilindelwe yinoma ubani. ngengwijikhwebu noma
uphele ngesiphetho
esilindelwe yinoma ubani.

You might also like