Location via proxy:   [ UP ]  
[Report a bug]   [Manage cookies]                
Jump to content

Umchazalwazi

Mayelana Wikipedia

Umchazalwazi noma imfundiso yolwazi, iyingxenye yenjulalwazi ephathelene nolwazi . Ubizwa nangokuthi umchachiso wolwazi, uhlwaya izinhlobo ezihlukene zolwazi ezifana nolwazi oluyisiphakamiso mayelana neziminya, ulwazi olusebenzayo olungamakhono, kanye nolwazi olwaziwa ngenxa yobungcweti. Abachazilwazi bayanda izicabango zenkolelo, iqiniso, nesihlanguzo ukuze baqonde isimo solwazi. Ukuze bavubukule ukuthi luvela kanjani ulwazi, baphenya imithombo yokuzihlanguza, efana nentshwayo, ukuzihlola, inkumbulo, inhluzeko, nobufakazi.

Isikole sokuthandabuza sihlaba ngemibuzo ikhono lomuntu lokuzuza ulwazi kuyilapho ubunyolo (fallibilism) bona buthi ulwazi alunakuqinisekiswa. Abangcwetezi (empiricist ) bathi lonke ulwazi luvela ezinzweni zobungcweti, kuyilapho abahluzeli (rationalists) bakholwa ukuthi kunolwazi olungancikile kubo. Abanamathisi (Coherentists) baphika ngokuthi inkokelo iyahlangulwa uma inamathelana nezinye izinkolelo. Abesisekelo (Foundationalists), bona ngokuphambene babambelela ekutheni isihlanguzo sezinkolelo eziyisiseko asicakathile kwezinye izinkolelo.