Location via proxy:   [ UP ]  
[Report a bug]   [Manage cookies]                
Jump to content

Umngako

Mayelana Wikipedia
Kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla: kunegcagcane, negcikiva kanye nomishwayine. Igcagcane limingakombili (2D) futhi libhonqwe imishwe emngako munye; igcikiva limingakontathu (3D) futhi libhonqwe amagcagcane amingakombili; umishweyine umingakomine (4D) futhi ubhonqwe amagcikiva amingakontathu
Imingako yomkhathi yokuqala emine, evezwe esithombeni esimingakombili. Template:Ordered list

Kumchazandalo nakumchazazibalo, umngako wesikhenke sezibalo (noma sento ) uchasiswa njengenani elincane loluma oludingekayo ukuze kucaciswe noma yisiphi isikhundla ngaphakathi kwaso. Ngakhoke, umugqa unomngako owodwa (1D) ngoba kudingeka uluma olulodwa ukuze ucacise isikhundla kuwo -- ngokwesibonelo, isikhundla esingesesihlanu emugqeni wamanani. NgesiZulu esilula, umngako uyindlela esibona ngayo, silinganise ngayo izwe elisizungezile, ngokusebenzisa amazwi athi phezulu naphansi, kwesokunene nakwesobunxele, emuva naphambili, ukushisa nokubanda, kanye nezinye izicabango zomchazazibalo nomchazandalo. Enye indlela yokuchasisa umngako iwukubuka amazinga enkululeko, noma indlela into ekwazi ukunyakaza ngayo emkhathini ochaziwe.