Location via proxy:   [ UP ]  
[Report a bug]   [Manage cookies]                
Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 20

NATIONAL

SENIOR CERTIFICATE

IBANGA LE-12

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LESIBILI (P2)

NOVEMBA 2011

AMAMAKI: 80

ISIKHATHI: amahora ama-2½

Leli phepha linamakhasi angama-20.

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 2 DBE/Novemba 2011
NSC

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO

Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uphendule imibuzo.

1. Fundisisa yonke imibuzo. Funda uhlu lokuqukethwe bese ukhetha imibhalo


oyifundile.

2. Leli phepha lineziqephu EZINTATHU:

ISIQEPHU A: Izinkondlo (30)


ISIQEPHU B: Amanoveli (25)
ISIQEPHU C: Imidlalo (25)

3. Phendula imibuzo EMIHLANU. Funda uhlu lokuqukethwe ekhasini


LESITHATHU ukuze ubone ukuthi imibuzo iphendulwa kanjani.

4. Izimpendulo zemibuzo emide esiqeshini A maziphendulwe ngamagama ayi-


190 kuya kwangama-240.

5. Izimpendulo zemibuzo emide esiqeshini B no C maziphendulwe ngamagama


angama-340 kuya kwangama-390.

6. Izimpendulo zemibuzo emifushane, amamaki anikeziwe emibuzweni


ayakwelekelela ukuthi kumele uphendule kangakanani.

7. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho


ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni.

8. Uyelulekwa ukuba ubhale ngobunono nangesandla esibonakalayo.

9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA.

10. Indlela yokusebenzisa isikhathi:

ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40


ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55
ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 3 DBE/Novemba 2011
NSC

OKUQUKETHWE
Phendula imibuzo EMIHLANU enamamaki angama-80 njengoba kukhonjisiwe
ngezansi.

ISIQEPHU A: IZINKONDLO
AMAHLOKOHLOKO (EJ Mhlanga, JJ Thwala)
IZINKWAZI ZOTHUKELA (LPM Makhanya)
Kulezi zinkondlo ezine ezibuziwe, phendula noma ngabe yiziphi izinkondlo EZIMBILI.
Uphoqelekile ukuphendula inkondlo ENGAMISELWE. Phendula UMBUZO 5 noma
UMBUZO 6.
INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO
YEKHASI
1. Kwakungelula Umbuzo omude 10 5
NOMA
2. Ngaphansi Komthunzi Umbuzo omfushane 10 6
NOMA
3. Umshado Wanamuhla Umbuzo omfushane 10 7
NOMA
4. Yekanini Ukungazi Umbuzo omfushane 10 8
KANYE
Nenkondlo engamiselwe: Phendula noma imuphi umbuzo OWODWA.
5. Agcwele Amangcwaba Umbuzo omude 10 9
NOMA
6. Agcwele Amangcwaba Umbuzo omfushane 10 10
ISIQEPHU B: AMANOVELI
Phendula umbuzo OWODWA.
7. Inoveli 1 Umbuzo omude 25 11
Bengithi Lizokuna
NOMA
8. Inoveli 1 Umbuzo omfushane 25 11
Bengithi Lizokuna
NOMA
9. Inoveli 2 Umbuzo omude 25 12
Usumenyezelwe-ke
Umcebo
NOMA
10. Inoveli 2 Umbuzo omfushane 25 13
Usumenyezelwe-ke
Umcebo
NOMA
11. Inoveli 3 Umbuzo omude 25 14
Kunjalo-ke
NOMA
12. Inoveli 3 Umbuzo omfushane 25 15
Kunjalo-ke
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 4 DBE/Novemba 2011
NSC

ISIQEPHU C: IMIDLALO
Phendula umbuzo OWODWA.
13. Umdlalo 1 Umbuzo omude 25 17
Kudela Owaziyo
NOMA
14. Umdlalo 1 Umbuzo omfushane 25 17
Kudela Owaziyo
NOMA
15. Umdlalo 2 Umbuzo omude 25 19
Awuwelwa UMngeni
NOMA
16. UMBUZO 15: Umdlalo 2 Umbuzo omfushane 25 19
Awuwelwa UMngeni

QAPHELA: Kumele uphendule umbuzo OWODWA omude kanye nombuzo


OWODWA omfushane esiqeshini B nasesiqeshini C. Uma ukhetha
ukuphendula umbuzo omfushane esiqeshini B, kusho ukuthi kumele
uphendule umbuzo omude esiqeshini C, kanjalo futhi uma ukhetha
umbuzo omude esiqeshini B, kusho ukuthi kumele uphendule umbuzo
omfushane esiqeshini C.
IZIMPENDULO ZAKHO MAZIME NGALOLU HLOBO
Umbuzo 1–4 Khetha noma iziphi izinkondlo EZIMBILI.
Umbuzo 5–6 Khetha OWODWA umbuzo.
Umbuzo 7–12 Khetha OWODWA (omude noma omfushane) kuleyo
noveli oyifundile.
Umbuzo 13–16 Khetha OWODWA (omude noma omfushane) kulowo
mdlalo owufundile.
Uhla oluyinkomba lokuphendulwa kwemibuzo.

Abahlolwayo emva kokuphendula imibuzo yaleli phepha mabasebenzise leli thebula


elilandelayo ukuze babe nesiqiniseko sokuthi bayikhethe ngokufanele imibuzo
okulindeleke bayiphendule.

INANI
INOMBOLO LEMIBUZO
ISIQEPHU YEMIBUZO EPHENDULIWE THIKA
A: Izinkondlo
(Ezimiselwe) 1–4 2
A: Izinkondlo
(Engamiselwe) 5–6 1
B: Inoveli
(Omude NOMA Omfushane) 7–12 1
C: Umdlalo
(Omude NOMA Omfushane) 13–16 1

QAPHELA: Esiqeshini B no C phendula umbuzo OWODWA OMUDE kanye nombuzo


OWODWA OMFUSHANE.

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 5 DBE/Novemba 2011
NSC

ISIQEPHU A: IZINKONDLO

Izinkondlo ezimiselwe:

Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena EMINE ebuziwe elandelayo.

UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE)

Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo.

Kwakungelula – N Kheswa

1 Lapho kwakudingeka mina nodokotela


2 Ngingavumelekile ukungena nasihlobo
3 Ngangiqhaqhazela-nokho yize uvalo.
4 Ngangibuye ngizisole kulapho ngangifuthelwa;
5 Izilonda zazimincike wonke umzimba.
6 Babekhona ababeseduze kwami
7 Kodwa bengezile ngalobu bunzima:
8 KWAKUNGELULA.

9 Ngangiqhutshwa ngenqola umhlengikazi


10 Ngilengisile isigujana samanzi angena ngemithambo
11 Ngiyaluzwa uvalo oludabula izibili
12 Nezilonda ziyankenketha ngaphansi kwamashidi.
13 Isandla sokudla asisasebenzi
14 Akulula, ngilindele ezinhle nezimbi
15 Kungenzeka ukuthi kule nqola sengihleli unomphelo
16 Nesizathu sokuthi ngitshelwe kangisiboni
17 Kakade ikhambi bayalilandula-
18 KWAKUNGELULA.

19 Ngilinde nje imishini yemicabango ilokhu igayile


20 Ngabe lo owasithela kimi wayazi?
21 Qha kungenzeka ngimsulwa.
22 Uma ngingemsulwa-ke?
23 Umndeni wami ngiyowazisa kanjani?
24 Abatholakala benakho abasuke boneni?
25 Kungenzeke kimi ngoba nginjani?
26 IMPELA KWAKUNGELULA.

27 Wavela udokotela lapho siqala sibuya isibindi


28 Kwakuthi angithi akame umhlengikazi
29 Shwi! Inqola egumbini
30 Cha kunzima namhlanje;
31 Uhlale engibonela embhedeni
32 Namhlanje kufanele sibe sobabili
33 Ifayela selisesandleni sakhe
34 Kwasengathi kukhona oshaya ikhanda ngepiki
35 Lawo mazwi alihlahlela lanqamuka phakathi.
36 Ngaphaphama sengikwelinye ikamelo-
37 WO, KWAKUNGELULA!

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 6 DBE/Novemba 2011
NSC

Chaza ukuthi ukukhethwa kwamagama kuyithinta kanjani indikimba yale nkondlo.


Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya
kwangama-240. [10]

NOMA

UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE)

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

Ngaphansi Komthunzi – P Ngubo

1 Ungilondile ngalondeka ngathokoza,


2 Ngahlala ngenaba ngamamfuza nganwampel' izangqqondo,
3 Izindebe zehla amafutha zaba bushelelezi,
4 Iso labona nokungabonwa sangoma nampholofithi,
5 Ingqondo yaphakama yangangezulu,
6 Yajula yathokoza ngahalalisa kuSomaqhinga,
7 Ngayindab' ezweni ngingumuntu odlal' amakhubalo-
8 Amakhubal' engawathol'enyangeni yakwaNgqondonkulu.
9 Ngininik'uphaphe lwendlondlo Sonane noMaMtimande omkhulu,
10 Ngokunginika ithuba ngisike kwelinonile.
11 Nginiphakamisa nobabili ngokungemulisa ngisik'insonyama.
12 Lezi zenz'enangipha zona naningihlomisa;
13 Noma kunini ngithokozel'ukungadlali Ndiya naBhunu.
14 Lesi sibani kasicimi nom'izivunguvungu zihlasela.

2.1 Nikeza amagama AMABILI akhombisa ukuthi imbongi ifunde esikhungweni


sezemfundo ephakeme. (2)

2.2 Chaza ukuthi isihloko 'Ngaphansi Komthunzi' siwuthinta kanjani umoya


wenkondlo. (2)

2.3 Chaza ukuthi ukuxhumana okutshekile/okuyingxemu okusemgqeni wesi-7


nowesi-8 kuwulolonga kanjani umqondo wale nkondlo. (2)

2.4 Ngabe amagama adwetshelwe asemgqeni we-13 aqukethe muphi umuzwa


ngokwesimo sezombusazwe kuleli ngesikhathi sobandlululo? Sekela
impendulo yakho. (2)

2.5 Phawula ngekhono imbongi elisebenzisile ekukhetheni amagama


adwetshelwe emgqeni wesi-9. (2)
[10]

NOMA

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 7 DBE/Novemba 2011
NSC

UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE)

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

Umshado Wanamuhla – GC Zulu-Kabanyane

1 Kungani indoda ingayi esibhakeleni?


2 Ngabhakelwa ngingenakuzivikela.
3 Hhe, yimi lo osemabobosi!
4 Hhe, yimi lo osenamahloni ngezwe!
5 Kazi kwakhala nyonini?

6 Ngaphenduka umdatshukelwa,
7 Ngabangela abanye usizi,
8 Ngabuzwa ukuthi ngihlaleleni,
9 Ibhodwe laqhubeka lingishisa,
10 Unembeza ushonephi?

11 Kazi sifundo sini lesi


12 Engifundiswa sona nsuku zonke?
13 Kanti ndlelani engiyikhonjiswa nsuku zonke?
14 Kanti seluleko sini lesi engisinikwa ngendluzula?

15 Yini lo mshophi ongehlelayo?


16 Kwafika wena kwacasha izinyo?
17 Uma kuhlekwa, kuhlekwa wena.
18 Uma kuthulwe uyedelelwa
19 Angisakwazi okulungile nokungalungile.

20 Yini ekujabulisayo ekuhlukumezeni?


21 Mqamelo ngiyakuzwela
22 Usuwaphenduka inkongozelo
23 Yamanzi anosawoti
24 Ingabe ukuba uyakhuluma
25 Ubuyokhininda ziphi?
26 Impela okwami okwezandla!

3.1 Nikeza isizathu sokuthi lo wesimame athi wayesenamahloni ngezwe


njengoba kuvezwe emgqeni wesi-4. (2)

3.2 Chaza ukuthi igama elisemgqeni wesi-2 elidwetshelwe lichazani


ngokomqondo wenkondlo. (2)

3.3 Chaza ukuthi imigqa esuka kowama-21 ukuya kowama-26 iwulolonga kanjani
umqondo wenkondlo. (2)

3.4 Izenzo zowesilisa okukhulunywa ngaye kule nkondlo zimveza njengomuntu


onjani? Sekela impendulo yakho. (2)

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 8 DBE/Novemba 2011
NSC

3.5 Phawula ukuthi imbongi iphumelele kanjani ukusebenzisa umbuzombumbulu


esitanzeni sesi-3. (2)
[10]

NOMA

UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE)

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

Yekanini Ukungazi – PB Vilakazi

1 Kweyam'impilo yokungazi,
2 Ayeqendukil' amehlo engaboni,
3 Kuboph'ufasimbe lwenkung'emqondweni,
4 Ngingaboni kuphuma nokushona kwelanga,
5 Konke kuyinal'engenakunqamuka,
6 Engenakushatshalaliswa nangamakloba
7 Ahangul'izikhotha zibhincele nxanye,
8 Zishintsh'imibala njengonwabu.

9 Kwakumnand'ukukhuluma ngokutetema,
10 Ngibik'ubuthakathaka ngokufehla,
11 Ngibik'indlala ngokudind'isililo,
12 Konke kujoj'inhliziyo kamama,
13 Angikhuselis'embelekweni ngijabule.

14 Kwakumnandi ngizikhomba ngizikhombile


15 Izidingo ezazithokozisa mina ngedwa,
16 Ngingenakucabangel'omuny'umuntu
17 Ngob'engabalulekile njengami.

18 Emadlelweni ngangelusa ngokuthanda,


19 Ngibhushuzela ngemuva kwamathole,
20 Konke ngikwenza ngokuthanda,
21 Uma ngingathandi ngizigingqe phansi,
22 Ngibik'umkhuhlane ongayindawo,
23 Akhathazek'umama engaqondi.

24 Namuhla idamukil'inkungu,
25 Umqondo wokuzenzisa uhambile,
26 Unyamalale nobuncane bami,
27 Ngisele nemigoqo engancengi,
28 Engibondis'isijingi sokuxakeka,
29 Ngibasadondolozele kuphuk'udondolo,
30 Ukhakhayi lwephuz'ukuqina,
31 Ngibamb' insimb'eshisayo ngezandla,
32 Ngibhinc'izigege ezidilikayo.
33 Yizona njalo izithelo zombuso.

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 9 DBE/Novemba 2011
NSC

4.1 Yikuphi OKUBILI okusesitanzeni soku-1 okushiwo imbongi okuveza ukuthi lo


muntu wayenjani ekukhuleni kwakhe? (2)

4.2 Chaza kafushane ukuthi izakhiwo zomugqa wesi-9 ukuya kowe-13


ziwulolonga kanjani umqondo walesi sitanza. (2)

4.3 Hlaziya isimo sokukhuluma esidwetshelwe esisemgqeni wama-24 njengoba


sisetshenziswe enkondlweni. (2)

4.4 Ngokucabanga kwakho ngabe imbongi iphumelele kanjani ukusebenzisa isu


lokuqhathanisa imiqondo esitanzeni soku-1 nesesi-5? Sekela impendulo
yakho. (2)

4.5 Phawula ngokuphumelela kwembongi ekusebenziseni umfanekisomqondo


osemgqeni wama-31. (2)
[10]

KANYE

UMBUZO 5 (UMBUZO OMUDE)

INKONDLO ENGAMISELWE (UPHOQELEKILE UKUPHENDULA LO MBUZO)


Phendula umbuzo OWODWA kule elandelayo. Umbuzo wesi-5 (omude) noma umbuzo
wesi-6 (omfushane).

Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo.

Agcwele Amangcwaba – F Manzi

1 Uma sinqaba ukuyalwa


2 Sizozithola sesitshalwa
3 Sizotshalwaphi ngoba amathuna agcwele,
4 Awaneli ngisho nabangcwele?

5 Uhulumeni usinike amathuba amaningi


6 Kodw' izidumbu zigcwalis'amangcwab'amaningi
7 Ngoba singafuni ukulalela
8 Ngoba singafuni ukunakekela.

9 Mantombazane masihlale ngentombi


10 Ukuze singavelelwa okubi
11 Ngoba singazithola egodini sesisodwa
12 Ngenxa yokuthi sanqotshwa umzwangedwa
13 Kanti sanqaba ukuyalwa.
14 Njengoba sekufanele sitshalwe
15 Sizotshalwaphi ngoba namathuna asegcwele,
16 Awaneli ngisho nabaziphethe ngobungcwele?
17 Vuma ukuyalwa uzwe
18 Njengomuntu omusha uvuse isizwe
19 Uhulumeni usinike amathuba amaningi

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 10 DBE/Novemba 2011
NSC

20 Ukuze ngezimpilo zethu sifeze okuningi


21 Kodwa thina sikhetha ukuba ukufa kusanele
22 Ngeshwa asazi ukuthi amathuna awanele
23 Ngoba phela senqaba ukuyalwa.
24 Bantu abasha amaliba asegcwele phama
25 Ngakho ithuba lethu leli lokuphaphama
26 Lokungavumeli ukuthi umzwangedwa
27 Usithole sesisegodini sonke.

28 Salalela siyophuma ekhaya ngemvakazi


29 Umphakathi uqobo ube ngofakazi
30 Ngoba thina salalela
31 Manje sesiyaphumelela
32 Omama bayobe sebethi, 'Lilili lilili'.
33 Kunokuba badinde isililo.
34 Njengoba amathuna ephela
35 Qaphela mfan’izinyembezi zomama zingapheli
36 Ngoba ungafuni ukusizwa
37 Ube uthi uyinsizwa.

Chaza ukuthi imifanekisomqondo iwuthinta kanjani umoya wale nkondlo. [10]

NOMA

UMBUZO 6 (UMBUZO OMFUSHANE)

AGCWELE AMANGCWABA – N Kheswa

Phinda ufunde inkondlo esembuzweni wesi-5 ngenhla, 'Agcwele Amangcwaba', bese


uphendula imibuzo elandelayo.

6.1 Nikeza amagama AMABILI asenkondlweni anomqondofana naleli


elidwetshelwe emgqeni wesi-3. (2)

6.2 Nikeza umqondo oqukethwe umugqa wesi-9. (2)

6.3 Chaza ukuthi imvumelwano siqalo esemgqeni wesi-2 nowesi-3 iwulolonga


kanjani umqondo wale nkondlo. (2)

6.4 Chaza ukuthi ukusetshenziswa kwesimo sokukhuluma esidwetshelwe


emgqeni wama-24 kuwuthinta kanjani umoya wenkondlo. (2)

6.5 Imbongi iwukhombise kanjani umoya wethemba emgqeni wama-28 kuya


emgqeni wama-32? Sekela impendulo yakho. (2)
[10]

AMAMAKI ESIQEPHU A: 30

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 11 DBE/Novemba 2011
NSC

ISIQEPHU B: AMANOVELI

Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile.

UMBUZO 7 (UMBUZO OMUDE)

BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya

Hlolisisa ukuthi umbhali ulusebenzise kanjani udweshu ukukhulisa indaba yakhe.


Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya
kwangama-390. [25]

NOMA

UMBUZO 8 (UMBUZO OMFUSHANE)

BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya

Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo.

Nalapho esephumile esibhedlela uNontobeko, uNkululeko wayengasapheli efulethini


lakhe emvakashela emphathela izinto ezimnandi. Ekugcineni wagcina esehlulekile
ukuzibamba, wabhoboka wamtshela okwakumudla ngaphakathi.
'Ngiyakuthanda Nontobeko. Ngicela sithandane ...' encenga ngeligcwele umunyu.
'Ngeke kulunge Nkululeko ...' enqaphaza kucweba izinyembezi.
'Zama bandla, sale usuwenzela mina nje,' esho etshekisa ikhanda, eneka izandla
encengisisa intokazi eyayisithumbe inhliziyo yakhe, yamenza wayithanda ngendlela
ayengakaze athande ngayo omunye umuntu, esefisa ukuba ivume ukuba bathandane,
ukuze ayikhombise lonke uthando, kungagcini lapho, ayithathe iyomakhisa umuzi.
'Ngakutshela nje indaba yobuhlungu engabuzwa mhla sehlukana noMhlengi.
Kangiboni ukuthi inhliziyo yami isengakwazi ukuthanda omunye umuntu ...'
'Zama sisi, siyoyeka uma wehluleka. Mhlawumbe ukuthandana nami nje yiyona ndlela
ongakhohlwa ngayo yindaba kaMhlengi,' kuncenga uNkululeko sekucweba
nezinyembezi endodeni.
'Uthi ngiyoke ngimkhohlwe kodwa uMhlengi bakithi? Ngeke, ngeke!' esho edazuluka
futhi, kucaca nje ukuthi uma kuthintwa ekaMhlengi kuvele kuthunukale amanxeba
enhliziyweni.

Wayemncengisisile impela uNkululeko. Ekugcineni wagcina evumile uNontobeko.


'Uyangithembisa ukuthi ngeke ungilwise uma ngehluleka endleleni?' ebuzisisa
emgqolozele emehlweni sengathi ufuna ukwenza isiqiniseko sokuthi lo mbuzo
uyowukhumbula uNkululeko mhla kwenzeka ephinde ewubuzwa.

'Ngeke s'thandwa sami ngoba ungichazelile konke ...' kuvuma uNkululeko eziqinisa,
esebonga khona nje ukuthi intokazi ivumile nanxa isalokhu ibalisa ngalo Mhlengi wayo.
Kwaba ukuvuma nje, uNkululeko wakhipha lonke uthando wahlukana nawo wonke la
mantombazane ayekade ethandana nawo ezichithela isizungu nje engakamazi
uNontobeko. Kwedlula izinyangana wakhuluma eyomshado. Wayesephuthunyiswa
wuthando nokwazi phela ukuthi isiZulu sithi oseyishayile akakayosi.

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 12 DBE/Novemba 2011
NSC

8.1 Xoxa ngodweshu lwangaphakathi olukuNkululeko kulesi siqeshana. (2)

8.2 Yikuphi okuphambene nosikompilo okwenziwa uNontobeko okwaphatha kabi


isalukazi ngosuku olwalwandulela olomshado? (2)

8.3 Yisho isithakazelo uNgidi ayebiza umseshi ozimele uShezi uma emhlonipha. (1)

8.4 Chaza ukuthi umbhali umveze njengomlingiswa onjani ngokwesimilo


uNontobeko kulesi siqeshana. Sekela impendulo yakho. (2)

8.5 Chaza kafushane ngesigameko esenzeka kuNontobeko esaholela ekutheni


abe sesibhedlela. (3)

8.6 Yini inhloso yombhali ngokusebenzisa isu elilandelayo lokubikezela,


'Uyangethembisa ukuthi ngeke ungilwise uma ngehluleka endleleni?' (2)

8.7 UMBONO noma IQINISO ukuthi uMhlengi waziguqula ubulili waba ngumuntu
wesifazane ngokuphelele? Sekela impendulo yakho. (2)

8.8 Chaza ngomphumela wesenzo sikaNdumiso sokuletha uZakithi esokeni lakhe


uSibusiso. (2)

8.9 Liphumelele yini isu lombhali lokusebenzisa lezi zimo zokukhuluma


ezilandelayo?

8.9.1 Wabhoboka wamtshela okwakumudla ngaphakathi. (1)

8.9.2 isiZulu sithi: 'oseyishayile akakayosi'. (1)

8.10 Ngokwesizinda sale noveli umlingiswa onguNgidi uyahambisana yini


nezinguquko ezihambisana nenkathi? Sekela impendulo yakho. (2)

8.11 Ngokucabanga kwakho kwakufanele noma kwakungafanele yini ukuba uNgidi


atshele uNontobeko ukuthi uMhlengi wayeseyi-'gay'? Sekela impendulo
yakho. (2)

8.12 Hlaziya ikhono lombhali ekuphetheni le noveli. (3)


[25]

NOMA

UMBUZO 9: (UMBUZO OMUDE)

USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi

Hlolisisa ukuthi umbhali ulusebenzise kanjani udweshu ukukhulisa indaba yakhe.


Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya
kwangama-390. [25]

NOMA

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 13 DBE/Novemba 2011
NSC

UMBUZO 10 (UMBUZO OMFUSHANE)

USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi

Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo.

'Nanso-ke! Nanso-ke Sho!' kusho uJamu ngesiNgisi eyibona ngokuwacisha


iwakhanyisa amathoshi. 'Cupha-ke Shosholoza. Uwena ozombamba ngimbulale.'

'Ngokwesivumelwano engisisayine nomqashi wami ngizomkhomba wena umbulale.'

'Esenu nobabili leso. Esami naye sithi thina nawe sikhokhelwe ukuba sizobulala.
Ungabhedi lapha. Uma ungaqapheli kuzosala wena enkundleni. Sobabili singababulali.
Futhi ngizoqala ngokumgcweleza lapha ezihlahleni ngingakambulali. Nginenkinga.
Isifazane siyangibalekela. Vele lona uzokufa.'

'Ngeke ubenze lobo bulwane. Nami sengingafela lapha. Asizona izimpisi. Sibulawiswa
yindlala. Ukumbulala kukodwa kungaphezu kobulwane. Yichilo le ...'

'Kulungile phela. Uzosala lapha enkundleni uma uyisilima. Nx, angazi ukuthi lo muntu
ubethi ngizosebenza nomuntu odideke kangaka.'
* * * * *
'Isondo elingakuwe alisenamoya. Ngiyayimisa manje,' eyabo isondela emotweni emi
emnyameni. Wahlahla amehlo umkakhe wathi,

'Ngabe sivelelwa yini sisendaweni embi kanjena? Asicacamezele baba sedlule le moto
siyoma phambidlana. Angiyethembi.'

Wayincenga uChule esesondela esizindeni sokufa, wayedlula yasithela imoto


eyayisolwa uNomvula. Wayimisa emnyameni, khona emmangweni, iphakathi komsaho
notatalambu wewa. Wehla wayizungeza ebuka wonke amasondo, amehlo egxile
kwelingaphambili, ngakwesobunxele. Waguqa walibuka, wayesewukhipha kancane
futhi umoya ngamabomu eshiya inkeshezana. Wabuyela kumkakhe wathi, 'Leli thayi
lizosibulala ngiyalikhipha.'

'Yimbi, iwummango futhi le ndawo oyimise kuyo. Ingahle ihlehle isilimaze. Yincenge
kancane siyomela phambili,' ethukela limtshela igazi.
UChule wamhlaba ngehlo elibi wathi, 'Ayikho nami into engizoyenza kaMazibuko.
Akuntando yami ukufelwa yimoto emaweni. Lizodabuka liphele ithayi lami uma,
ngiqhubeka. Limalini ithayi?'
'Chule imali ayilutho kunempilo.'

10.1 Yisiphi isizathu esasibangela uJamu ukuba akhulume isiNgisi? (2)

10.2 Yini inhloso yomlingiswa uChule yokwehlisa umoya ethayini lemoto


ababehamba ngayo? (2)

10.3 Ngokwalesi siqeshana ngubani lo mlingiswa uJamu akhuluma naye? (1)

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 14 DBE/Novemba 2011
NSC

10.4 Chaza kafushane ngesisusa sodweshu esitholakala esingenisweni sale


noveli. (2)

10.5 Chaza kafushane ngobugebengu obenziwa uChule uma esefike endaweni


lapho ayezohlangana khona nababezobulala umkakhe. (3)

10.6 Ngabe myalezo muni otholakala kulesi siqeshana? Sekela impendulo yakho. (2)

10.7 Ngabe umlandi umveze njengomlingiswa onjani uChule kule noveli? Sekela
impendulo yakho. (2)

10.8 Umbhali uphumelele yini ukusebenzisa isu lokubikezela ngokusebenzisa lesi


simo sokukhuluma esidwetshelwe?
Uma ungaqapheli kuzosala wena enkundleni. (2)

10.9 Umculo kaGenyeza waba namthelela muni ebudlelwaneni bukaMirriam


noChule? (2)

10.10 Ngokwazi kwakho indaba, ngabe laphumelela yini icebo likaChule lokuzama
ukubulala uMirriam? Sekela impendulo yakho. (2)

10.11 Umbhali uyisebenzise kanjani ingwijikhwebu endabeni ngemuva kokuba


uMaHadebe ezame ukubulala uNomvula. (2)

10.12 Phawula ngendlela umlandi asebenzise ngayo ulimi ukuchaza ububi


bendawo lapho uChule wayezohlangana khona nababulali? Sekela
impendulo yakho ngezibonelo EZIMBILI. (3)
[25]

NOMA

UMBUZO 11 (UMBUZO OMUDE)

KUNJALO-KE – ME Wanda

Hlolisisa ukuthi umbhali ulusebenzise kanjani udweshu ukukhulisa indaba yakhe.


Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya
kwangama-390. [25]

NOMA

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 15 DBE/Novemba 2011
NSC

UMBUZO 12 (UMBUZO OMFUSHANE)

KUNJALO-KE – ME Wanda

Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo.

'Yebo khona uSithole mdala kunami, kodwa uyangithanda bantu. Wangiphathisa


okweqanda emsebenzini esitolo sakwakhe. Wangithengela izimpahla zikanokusho.
Wangifunela umsebenzi kuNaidoo ngemuva kokunganambithisisani nomkakhe
uMaNzimande. Manje uzimisele ukuba ngibe wundlunkulu wakwakhe. Abazali bami
futhi bangadla kahle ngami. Abanye abantu bathi umuntu omdala unempatho. Selokhu
kwathi nhlo uSithole ukhuluma ulimi olulodwa; ulimi lokuthi ufuna ngibe ngumkakhe
azoziqhenya ngaye. Selokhu ngingenile kule ndlu usengikhombisile ukuthi
angangiphatha kanjani uma ngivuma. Nabantu bayasho ukuthi ngayeka izehla, imana
uqobo lwayo.' UDumazile wathatha isinqumo asibona ukuthi simfanele.
USithole wafika uDumazile esefikile evela emsebenzini. Wathi engena yena
wayebingelelwa ngenkomishi yekhofi. Kwalandela esivuthayo isitshulu lesi. Kwenzeka
konke lokhu nje abamile, kodwa bayaxoxa.
'Akakuthethisi umkakho njengoba ungasavamile ukuya e-Adams?'
'Athethise bani, mina? Uyangazi naye ehlezi nje!' Ahleke kancane uDumazile.
'Ngisazomvova! Yena, ngisazomvova! Ngiyezwa futhi ngabasiki bebunda ukuthi
usethambe useyimfocomfoco.'
'Hawu! Wathi uzwa ngosibhincamakhasana, kanti wena awusayi yini kwakho ukuyodla
ilantshi emini?'
'Angilubeki! Hleze angidlise lo mfazi.'
Yena kanti akafiki yini esitolo ukukulethela inkumbulo?
'Wazi kahle ukuthi kungenzekani uma engase afike esitolo. Wazi kahle. Ngamvala
kulokho.' UDumazile wabe esexoxaxoxa ngezinto nje eziphathelene nomsebenzi
wakwaNaidoo. Wagcina ngokuthi: 'Mayelana nesicelo sakho semihla ngemihla ...' Athi
ukuthula kancane uDumazile. USithole ahlahle amehlo elindele. UDumazile waqhuba
wathi: 'Hhayi bengidlala!' Ayifunde ivaliwe uSithole.
'Ngijatshuliswa yikho nje ukuthi unesikhathi sokudlala nami.'

12.1 Ngokwalesi siqeshana nikeza OKUKODWA okwakwenziwa uSithole ukuheha


uDumazile. (1)

12.2 Yikuphi okwakushiwo abantu okwabanomthelela ekutheni umlingiswa


osemqoka aqome ubaba uSithole? (2)

12.3 Uma ubheka isimo senhlalo, amazwi kaSithole athi: 'Ngisazomvova! Yena,
ngisazomvova!' agqamisa isimo esinjani? Sekela impendulo yakho. (2)

12.4 Nikeza izinkolelo ezingafani zabazali bakaDumazile ababenazo ngendlela


yokukhulisa ingane yentombazana. (3)

12.5 UDumazile walihlela kanjani isu lokuthola imali kaSithole? (2)

12.6 Ngabe umbhali usisebenzise kahle yini isimo sokukhuluma esidwetshelwe?


Sekela ngokwenzeka endabeni.
Wangiphathisa okweqanda emsebenzini esitolo sakwakhe. (2)

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 16 DBE/Novemba 2011
NSC

12.7 NgokweNqubomgomo evikela amalungelo abafundi bakuleli, kwakufanele yini


ukuba uThishomkhulu axoshe uDumazile ngoba ekhulelwe? Sekela
impendulo yakho. (2)

12.8 Yimuphi umyalezo odluliswa umbhali ngesenzo somlingiswa onguDumazile


sokuya ocansini olungaphephile noMoloi? (2)

12.9 Ngokwalesi siqeshana ngabe umbhali umveze njengomlingiswa onjani


uSithole? Sekela impendulo yakho. (2)

12.10 Kwamsiza ngani umlingiswa osemqoka ukuxolisa kwakhe esesokhukhwini


lokufa? (2)

12.11 Ngokucabanga kwakho kwakufanele yini ukuba uSithole athengele


uDumazile umuzi? Sekela impendula yakho. (2)

12.12 Ngabe uyazwelana noMaNzimande ngesimo azithola ekusona emva kokuba


umyeni wakhe uSithole esethandana noDumazile? Sekela impendulo yakho. (3)
[25]

AMAMAKI ESIQEPHU B: 25

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 17 DBE/Novemba 2011
NSC

ISIQEPHU C: IMIDLALO

Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile.

UMBUZO 13 (UMBUZO OMUDE)

KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo

Hlolisisa ukuvezwa komlingiswa ongummeleli (uMdaluli) kanye nenhloso yalo mdlalo


othi: Kudela Owaziyo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama
angama-340 kuya kwangama-390. [25]

NOMA

UMBUZO 14 (UMBUZO OMFUSHANE)

KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo

Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo.

(Kusihlwa elawunji emzini kaMdaluli, uMdaluli uhlezi kowakhe usofa, kube ngumkakhe
kanye namadodakazi abo amathathu kowabo usofa, babuka izithombe zohlelo
oluhlabahlosile kuthelevishini. Balusheba nengxoxo yabo eqhubeka kamnandi kanje …)

MDALULI: Angazi noma ukhona yini lapha phakathi kwenu bantabami owake
wabasa ngezinkuni zalo muthi obizwa ngokuthi idungamuzi.

BOBATHATHU: (Kanye kanye) Cha baba

NENELEZI: (Umangele) Ngabe uyicatshangiswa yini into enjangaleyo ubaba?

MDALULI: Ngisho ngoba phela ukuphelelwa kwami wumsebenzi


kwakungafanele neze kungibeke kulo mqansa wokuba ngibe
ngumuntu wodlambedlu nodlame lwasekhaya. Ngani na? Ngoba
akuqali ngami phela ukudilizwa kwabantu efemini. Baningi
abanenkinga efana neyami kodwa abaziqhubekelayo nje
nobumnandi bempilo yize bengaphansi kwalezo zimo zengcindezi.
Ingani nampa nje omahlalela abangawazi nokuthi unjani umnyango
wefemu kumbe wezikhungo zomsebenzi kodwa bayaphila impela nje
nemindeni yabo ngemizamo yokupatanisa.

LONDIWE: Kukahle-ke baba uma ngabe isikukhanyela into enjengaleyo.

MDALULI: (Ngezwi eliphakeme) Hhayi bo! Nakhu sengicishe ngikhohlwa indaba


esemqoka lapha. E … (athule isikhashana) Kusasa lokhu okusayo
nginqamula amazwe ngendiza ngiphikelela kwelinye lamazwe
aseNyakatho ne-Afrika elaziwa ngokuthi yi-Sudan. Yonke into
ihlangene ngoba nansi nepassport ngiyivuselele engigunyaza
ukuyeqa ngokusemthethweni imingcele.

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 18 DBE/Novemba 2011
NSC

KHOMBEPHI: Njengoba uzonqamula amazwe nje baba inhloso yakho lapho


ngempela yiyona yiphi?

MDALULI: (Uhleka kakhulu) Muhle kakhulu lo mbuzo ongibuza wona Khombephi


ndodakazi, impendulo yawo izothi ngiyavakasha nje ukuze
ngizishayelwe ngumoya. Mhlawumbe ngizobuya sengifunde nokuningi
nje kanye nokuthi indoda eqotho nezimisele ngentuthuko
nangenqubekela phambili yomuzi wayo yenzenjani.

14.1 Umuthi onjani okuthiwa idungamuzi? (1)

14.2 Enye yezindikimba zalo mdlalo imayelana nodlame lwasekhaya. Sizathu sini
esabangela ukuba uMdaluli azithole esenodlame ekhaya? (2)

14.3 Yikuphi okubalulekile okwakuzozuzwa ummeleli ngokuvakasha kwakhe


eSudan? (2)

14.4 Chaza kafushane ngokuguquka kwesimo senhlalo emndenini kaMdaluli


njengoba siveziwe kulesi siqephu. (3)

14.5 Kwakufanele yini ukuthi uMdaluli ashiye uMaMlanduli uma ethatha uhambo
lokuya eSudan? Sekela impendulo yakho. (2)

14.6 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa ibinzana lamagama: 'usikhuluma


ubukwerekwere isiZulu' kulo mdlalo njalo uma kuzokhuluma uChivenga? (2)

14.7 Kube nasifundo sini ukuphenywa nokumiswa kukaHeshane emsebenzini


wakhe? (2)

14.8 Ngokucabanga kwakho iziyalo zikaSonhlalakahle uZenyezile zaziyoba


namphumela muni emndenini kaMdaluli? Sekela impendulo yakho. (2)

14.9 Ngokucabanga kwakho kufanele yini ukuthi izifiki zigcine seziyizakhamuzi


kuleli? (2)

14.10 Umlingiswa onguMbhebhezeli ulilandela kanjani igama lakhe? Sekela


impendulo yakho ngokubhekisa emdlalweni. (2)

14.11 Kwamsiza yini uMdaluli ukuthi alalele abangasekho uma beza kuyena
ngephupho? Sekela impendulo yakho. (2)

14.12 Ngabe umbhali uwuphethe ngempumelelo yini umdlalo wakhe? Sekela (3)
impendulo yakho. [25]

NOMA

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 19 DBE/Novemba 2011
NSC

UMBUZO 15 (UMBUZO OMUDE)

AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa

Hlolisisa ukuvezwa komlingiswa ongummeleli (uSalimani) kanye nenhloso yalo mdlalo:


Awuwelwa UMngeni. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama
angama-340 kuya kwangama-390. [25]

NOMA

UMBUZO 16: (UMBUZO OMFUSHANE)

AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa

SALIMANI: UHulumeni ucuphe uchuku. Nani niyazibonela into eyenzeka laphaya


ngaphesheya. (Esho ekhomba onongqayi nabelungu ngaphesheya.)
Ngize lapha namhlanje ukuzonikhuthaza nginimise isibindi. Namanje
ngisasho ngithi awuwelwa uMngeni. Uma uwelwa uyowelwa ngifile.

ABANTU: Elethu! (Kube nobuxokololwana abantu sebecasukile babuye bazithibe.)

SALIMANI: Njengoba ngethemba ukuthi isimemezelo sesifinyelele ezindlebeni


kinina, kusasa lokhu okusayo nginokhukhulelangoqo wembizo eTsheni.
Ngibize uSomtsewu nabalandeli bakhe ukuba eze azozibonela yena
ulaka lwenu. Ngithe akeze akazozizwela ngamagwagwakazi akhe nisho
kanye kanye nithi aninakwephucwa ilungelo lenu lokuzalwa
niyogqilazwa abelungu bamapulazi. Ngiyajabula nje ukubona induna
yami uSiyobi Thusi nedlanzana lamadoda ahamba nalo belapha
phakathi kwenu.

ABANTU: (Balula izintamo babuka impunga yakwabo enguSiyobi.)

SALIMANI: Ngiqonda kahle ukuthi kuke kwatholakala ukuthi bebelapha


bangawuthunda bawuphuze. Bangabe bewuphuziswa yibo abelungu
bamapulazi labaya behlangene noHulumeni. Njengoba nazi-ke laba
bantu bami sebephenduke izigqila laphaya ngaphesheya koMngeni
emapulazini. Balapha nje beqile. Khona lapha phakathi kwenu
kunezimpimpi zabo abelungu noHulumeni ezizobathwala ngamaqoma
zibathuthe ziyobethula kobasi bazo.
(Ahlabe ikhefu, abheke ngakuMphiliphili.)

UMUNTU 1: Ziphi siziphihlize ngamawisa thina siziphonse emanzini zemuke


noMngeni?

SIKHOVA: (Uthulisa umsindo.)

SALIMANI: Ngifuna nazi ukuthi mina nesizwe sami sonke nginani. Ngeke niphanise
kalula nje kuhle kwempahla ngisawadla amabele. Ngimfunge
uNomanjebese kaBaba ngeke kwenzeka lokho. Abelungu bayobe
babona amehlo esibungu beke bakubona lokho.

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P2 20 DBE/Novemba 2011
NSC

ABANTU: Elethu sonke lelo!

SALIMANI: Uma niza kule mbizo yakusasa nifike nihlomile futhi nivunule niphelele.
Phela asimazi uSomtsewu ayokwenza nezicashalala zakhe uma
nimtshela emehlweni ukuthi nina aniwuweli uMngeni. Nanxa
ngingafuni kuchitheke igazi kodwa kumele nilindele noma yini.

UMUNTU 1: Uphi uMphiliphili ngizifikele kuyena mathupha? Udayisa ngeNkosi


yethu? Udayisa ngathi?

NOMEHLO: (Amkhuze lona osethi akadle uMphiliphili luhlaza.)

SALIMANI: Ukuphetha le mbizo mina ngiyaqhubeka nokuthi awuwelwa uMngeni?


Angithi nani nisho kanjalo noSomtsewu nizomtshela kanjalo?

ABANTU: Elethu! (Kube nenhlokomo enkulu.)

16.1 USomtsewu, oyimbangi wayebizelweni kule mbizo? (2)


16.2 Nikeza isizathu esenza ukuba uSalimani athi ngeke uze uwelwe uMngeni
uma ungawelwa, uyowelwa efile. (2)
16.3 Kwakubangelwa yini ukuthi uSalimani ajabule uma ebona uSiyobi Thusi
induna yakhe kule mbizo? (2)
16.4 Kwakubangelwa yini ukuthi uNongejeni ahlale ehamba noZithulele uma
beyohlangana noSalimani. (2)
16.5 Hlolisisa kafushane ngobuhlakani bukammeleli ekuphetheni inkulumo yakhe
kule mbizo? (2)
16.6 Kwakubangelwa yini ukuthi icala likaMphiliphili lithethwe esigcawini kunokuba
lithethwe enkantolo? (2)
16.7 Ngabe umbhali usisebenzise kahle yini isimo sokukhuluma esidwetshelwe?
Sekela ngokwenzeka endabeni.
Kuke kwatholakala ukuthi bebelapha bangawuthunda bawuphuze ... (2)
16.8 Qhathanisa ukubusa kwenkosi uSalimani kanye nokubusa kukaHulumeni
wabelungu omelwe uSomtsewu ubhekise endikimbeni yezombusazwe. (2)
16.9 Kwakuyini inhloso yabantu bamapulazi yokuyohlasela abantu benkosi
uSalimani emzini kaMcondo? (2)
16.10 Lwaba namphumela muni udweshu lwabantu bakaSalimani nabantu
bakaMgqabula emzini kaMcondo? (2)
16.11 Izenzo zikaSalimani zimveza njengomlingiswa onjani kulo mdlalo? Sekela
impendulo yakho. (2)

16.12 Ngabe umbhali uwuphethe ngempumelelo yini umdlalo wakhe? (3)


[25]
AMAMAKI ESIQEPHU C: 25
AMAMAKI ESEWONKE: 80

Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

You might also like